Kwamakhasimende nababambe iqhaza, iqophelo lomsebenzi, ukweneliseka kwabantu, umphumela womsebenzi walabo abethula izinsiza nokusetshenziswana nabo kanye nomphumela wenhlangano.
Imiphumela yalolu cwaningo kuyoshiyelwana ngayo nabaphathi abaphakeme beDOD/neSANDF. Ngakho, kubalulekile ukuba uphendule umbuzo ngamunye ngokwethembeka. Lokhu akusiso isivivinyo futhi ayikho impendulo eyiqiniso nengamanga.
Umbono wakho yiwona obaluleke njengempendulo efanele.
Isikhungo siyothatha ulwazi olwethulile njengemfihlo ngenhloso yoHlaziyo loMthelela. Ngeke waziwe ngoba Isikhungo sokuHlaziya Umthelela siyohlaziya ulwazi oluphelele ngokwamaqoqo, isibonelo, ngamaqoqo abesifazane nabesilisa ngokwehlukana.
Kulula ukuqedela lemibuzwana efakwe lapha ngoba imibuzo eminingi iphendulwa ngokumane wenze isiyingi enombolweni efanele yempendulo obona ihambisana nawe noma eveza kangcono umbono wakho.
Siyabonga ukusebenzisana nathi ekwethuleni ulwazi oluceliwe.
Usebenza kusiphi isikhungo?
Ithini ikhodi yethimba lakho emsebenzini (PERSOL)?
Ungena ngaphansi kwaluphi uhlanga?
Yini ubulili bakho?
Abaholi/abaphathi ethimbeni lakho/enkanjini/emkhumbini bawuqeda ngesikhathi nangobunono yini umsebenzi wabo?
Abaholi/abaphathi ethimbeni lakho/enkanjini/emkhumbini bayazilalela yini izinkinga zalabo abangaphansi kwabo?
Kulula yini ukuxoxisana nabahholi/abaphathi ethimbeni lakho/enkanjini nasemkhumbini?
Abaholi/abaphathi ethimbeni lakho/enkanjini/emkhumbini babachazela ngokucacile yini labo abangaphansi kwabo mayelana nokufanele kwenziwe?
Abaholi/abaphathi ethimbeni lakho/enkanjini/emkhumbini bayaqinisekisa yini ukuthi labo abangaphansi kwabo baqonda kahle futhi bayakwazi okulindelwe kubo?
Abaholi/abaphathi ethimbeni lakho/enkanjini/emkhumbini bayaqinisekisa yini ukuthi labo abangaphansi kwabo baqeqeshwe ngokwenele ukuqhuba umsebenzi?
Umphathi wakho uxoxa nawe ngokwenele mayelana nekusasa lakho ngomsebenzi owenzayo?
Umphathi wakho uyakucebisa yini ngendlela engcono kakhulu yokwenza umsebenzi wakho?
Uyaluthola yini uqeqesho ngesikhathi usebenza (ukuthola isipiliyoni ngokwenza umsebenzi) ngenhloso yokuzisiza ukuze wenze ngcono umkhiqizo?
Ngabe umsebenzi omuhle owenzile ethimbeni/enkanjini noma emkhumbini uyanconywa?
Unalo yini ithuba elihle lokukhushulwa esikhundleni, uma wenze kahle umsebenzi wakho?
Unalo yini ithuba elihle lokuthola umvuzo wokusebenza kahle, uma wenze kahle umsebenzi wakho?
Uyazi ukuthi yini umsebenzi wakho?
Abaholi/abaphathi bethimba lakho/inkambu/umkhumbi bayayinakekela imiphakathi yendawo?
Umqondo nezenzo zabaholi/abaphathi baleli thimba/benkambu/bomkhumbi bakhombisa ukuba nentshisekelo ngezwe laseNingizimu Afrika?
Bonke abantu kanye namaqembu, ngaphakathi nangaphandle we-DOD abanothando lwethimba, inkambu kanye nomkhumbi isib. Abasebenzi, amakhasimende, abanikezeli kanye nohulumeni.
Ngabe amalunga/abasebenzi bethimba lakho lomsebenzi...
Bayazemukela izinhloso zethimba?
Babambisana ngokuzithandela namanye amalunga?
Basiza ngaphandle kokunxenxwa, uma kunesidingo?
Umkhuzi wombutho/umphathi wethimba lami/wenkambu/womkhumbi uyaqinisekisa ukuthi ilunga ngalinye liyaqonda ukuthi umsebenzi walo uxhuma kanjani kwinqubo ephelele.
Uvamile yini ukunquma izinga lokweneliseka kwamakhasimende ngala maqhinga alandelayo?
Ukhona yini umhlomulo otholwe yithimba lakho/yinkambu/umkhumbi esikhathini esiyizinyanga eziyi-12 ezedlule ohambisana neqophelo lomsebenzi wakho/nomkhiqizo?
Imibiko elandelayo izwakalisa imizwa yakho ngethimba lakho/ngenkambu/ngomkhumbi. Embikweni ngamunye, bonisa izinga olicabangayo ngesici ngasinye kwithimba lakho/inkambu/umkhumbi esichazwe embikweni ngamunye.
